The WWF is run at a local level by the following offices...
- WWF Global
- Adria
- Argentina
- Armenia
- AsiaPacific
- Australia
- Austria
- Azerbaijan
- Belgium
- Bhutan
- Bolivia
- Borneo
- Brazil
- Bulgaria
- Cambodia
- Cameroon
- Canada
- Caucasus
- Central African Republic
- Central America
- Chile
- China
- Colombia
- Croatia
- Democratic Republic of the Congo
- Denmark
- Ecuador
- European Policy Office
- Finland
Kungani kumele sinciphise ukubhebhetheka kwegciwane leKholona ngokushesha
I-Covid-19 ligciwane elisha, kanti futhi ikhambi lokuligomela nokulilapha alikatholakali. Kubalulekile ke ukuthi sisebenzisane ukugwema ukubhebhetheka kwaleli gciwane ukuze sinikeze odokotela kanye nabahlengikazi ithuba lokusindisa izimpilo zabantu.
Ingabe yingako kumisiwe ukusebenza ezweni lonke?
Yebo. Ngokuthi sihlale emakhaya, simise imicimbi nemihlangano, futhi sivale izindawo zokuhlanganela, siphinde sehlise nokuhamba, sidlala indima yethu ekunciphiseni ukubhebhetheka kwaleli gciwane. Kodwa ke akhona amabhizinisi ambalwa avumelekile ukusebenza – njengezitolo ezinkulu ezidayisa ukudla, amakhemisi kanye nezinye izitolo ezidayisa izinto ezibalulekile ezimpilweni zabantu.
Yini yona leKholona?
Ikholona ligciwane elihlasela imigudu yokuphefumula. Leli gciwane labheduka ezweni lase China kwinyanga kaZibandlela ngonyaka ka-2019, manje selibhebhetheke lafika kumazwe angaphezu kwekhulu, nalana eNingizimu Afrika. Yingakho inhlangano yezizwe ezihlangene kwezempilo i-World Health Organisation ithe yabiza le sisifo se-Covid ngobhubhane. Leyonto isho ukuthi yosulelana ngokushesha futhi isithinte umhlaba wonke jikelele.
Ubani osengcupheni enkulu yokutheleleka?
Abantu abasengcupheni enkulu yokutheleleka ngalesisifo abantu abadala, abantu abanempilo ebuthakathaka, abahlengikazi nodokotela kanye nabanye abasebenzi bezempilo. Kepha ke intsha ineqhaza engalibamba ukusiza ukunqanda ukubhebhetheka kwalesisifo.
Izwe lase Ningizimu Afrika linekinga yabantu abaningi abenegciwane lengculazi, abanesifo sofuba, sikashukela kanye nesenhliziyo. Abantu abanalezizifo basengcupheni enkulu yokutheleleka nokugula kakhulu uma bethe batheleleka ngaleligciwane leKholona.
Ingabe sithini isimo ezinganeni?
Izingane mancane amathuba okuba zigule ngalesisifo, kodwa bangakwazi ukuthi badlulisele lesisifo kwabanye abantu, yingakho kubalulekile ukuthi siqinisekise ukuthi abasondelani nabanye abantu.
Libhebhetheka kanjani igciwane leKholona?
Leli gciwane libhebhetheka ngamathonsi aphuma emlomeni noma emakhaleni uma umuntu onaleli gciwane ekhwehlela noma ethimula. Lamathonsi analeli gciwane awela ezindaweni eziningi futhi kuyenzeka ukuthi ahlale isikhathi eside kulezo ndawo.
Yiziphi izimpawu zalesi sifo?
Ukukhwehlela, umphimbo obuhlungu, ukuphelelwa umoya, kanye nomkhuhlane ngezikhathi ezithize.
Lilashwa kanjani leli gciwane?
Abantu abaningi baphathwa ngumkhuhlane nje ongatheni baze baphile ngokuzinakekela, bengatholanga ukwelashwa. Futhi ke kuyenzeka abantu bagule baze babe nenyumoniya, kubenzima ukuphefumula, baze badinge ukuhanjiswa emtholampilo.
Ngingakugwema kanjani ukubhebhethekisa leligciwane?
-
Hlala endlini uthobele umthetho wokumiswa kweminyakazo, ushiye isikhala esingalinganiselwa kumabanga amabili ukusuka komunye umuntu.
-
Geza izandla zakho isikhathi esingange mizuzwana engamashumi amabili usebenzisa insipho noma umuthi owugetshezi wokuhlanza izandla obizwa nge-Hand sanitiser, onesilinganiselo samashumi ayisikhombisa wesibulali gciwane.
-
Gwema ukuthinta amehlo, amakhala kanye nomlomo wakho ngezandla ezingageziwe ngoba leli gciwane lingena ngalezo zindawo emzimbeni wakho.
-
Hlanza zonke izinto nezindawo ezithintwa njalo ngezandla.
-
Ungasondeli eduze kwabantu abagulayo.
-
Hlala ekhaya uma ugula noma ungaphilanga.
-
Uma ukhwehlela noma uthimula, mboza umlomo noma uthimulele ngaphakathi kwendololwane yakho, noma kwi-tissue, uyilahle emgqomeni kadoti uma usuqedile.
Ngeyiphi indlela yokugeza izandla kahle?
-
Manzisa izandla uzigcobe ngensipho, uzihlikihle imizuzwana engamashumi amabili ungafaki amanzi.
-
Hlikihla phakathi kweminwe usebenzisa iminwe yakho nentende yesandla.
-
Thela amanzi ugezisise izandla zakho uma usuqedile.
Kumele ngizigeze kangaki izandla zami?
Zigeze kaningi, ikakhulukazi uma uphuma emnyango, uma ufika ekhaya, ngaphambi nangemuva kokuthi uphathe ukudla, futhi noma uphuma endlini encane.
Senze njani uma singenawo amanzi ka mpompi?
-
Zenzele indawo yokuhlamba izandla usebenzisa isigubhu esifaka amanzi angamalitha amahlanu, uyisebenzise njengo mpompi.
-
Noma uzenzele owakho umpompi ovulwa ngonyawo, usebenzisa isigubhu.
Yini ekumele uyenze ukuthola ukuhlolelwa kwe-Covid-19 uma usola ukuthi unayo?
Vakashela i-webhusayithi yenhlangano kazwelonke yezifo ezithelelanayo i-National Institute for Communicable Diseases ufunde ngezeluleko.
Uma uke waba seduze nomuntu ogulayo, noma umuntu oneKholona , bese uthola umkhuhlane, ukhwehlele, noma uphefumule kanzima, shayela ucingo kule nombolo 0800 029 999 noma uthinte udokotela ubuze ukuthi uyadinga yini ukuhlolwa noma cha.
Ingabe kuyasiza ukugqoka isifonyo (i-maski)?
Kumele ugqoke i-maski uma ubona ukuthi kungenzeka uthelele abanye abantu ngalesisifo.
Kubalulekile ukuthi singazisebenzisi size siziqede izinto ezidingwa ngabezokwelapha (nje nge maski) ukuze zibekhona uma zidingwa ngabelaphi.
Uma unakekela umuntu one-Covid-19 uyacelwa ukuthi uyigqoke i-maski futhi ugeze nezandla zakho njalo.
Uma usebenzisa i-maski, qinisekisa ukuthi uyilahla ngendlela ephephile. Phela i-maski ingalibhebhethekisa leligciwane uma ingasetshenziswa ngendlela ephephile.
Ngeyiphi imithi ekumele ngiyithathe ukulawula izimpawu zalesi sifo?.
Okwamanje, iseluleko sithi thatha i-paracetamol (Panado) ukwelapha umkhuhlane. Ungayisebenzisi i-ibuprofen (amaphilisi aphelisa ukuvuvukala) ngoba kubonakala sengathi angenza isimo sibe bucayi.
Ngingawusiza kanjani umphakathi?
Okuwumthelela omkhulu esizobhekana nawo singumphakathi ukuphazamiseka emqondweni nasemphefumulweni okubangwa ukuthi asisakwazi ukuhlangana nabanye abantu. Kumele siyinakekele impilo yomqondo futhi sisize nabanye abantu benze into efanayo.
Cabanga ukuthi yini ongayenza ukuzisiza nokusiza abanye abantu bakwazi ukuphila ngalesi sikhathi sengcindezi. Qala iqembu le-Whatsapp esigodini sakho, udlulise imininingwane ephuma kwizikhungo ezithembekile, kanye nemilayezo egqugquzelayo. Yenza ngako konke okusemandleni ukusiza abantu abadala nabantu abangenawo amandla okuzisiza.
Uma kwenzeka abantu bagule, bahambisele ukudla namanzi (uma ngabe bengenawo amanzi ompompi) uzishiye emnyango; xoxa nabo ku-Whatsapp nange SMS, ushayele ucingo kwabosizo oluphuthumayo uma udinga ukuhanjiswa emtholampilo noma esibhedlela.
Ngingayithola kanjani imininingwane yakamuva?
-
Shayela ucingo kule nombolo ukuze uthole usizo ngokushesha (0800 029 999), noma uthumele umlayezo, othi “Hi” kule nombolo ka-Whatsapp, 060 012 3456.
-
Uma ngabe ufuna imininingwane yase Ningizimu Afrika bukhoma, ungasebenzisi i-data yakho, vakashela lewebhusayithi: https://coronavirus.datafree.co/